Abelungu bajabule uma beqhathaniswa nabantu abamnyama

2017-10-01 11:07

Johannesburg – Yize lehlile ithemba ngamaphoyisa emphakathini kule minyaka eyedlule, abelungu abagqekezelwa izindlu benelisekile ngokusebenza kwamaphoyisa uma kuqhathaniswa nabantu abamnyama.

Le ngeminye yemiphumela yeVictims of Crime Survey eyenziwe yiStats SA, ekhishwe ngoLwesine.

Imizi engu-30 000 esezingxenyeni ezehlukene zezwe ibe yingxenye yale nhlolokhono.

Imiphumela itshengisa ukuthi ukugculiseka komsebenzi owenziwa amaphoyisa wehlile kule minyaka emihlanu eyedlule, usuka ku-64.2% ngo-2011, kuya ku-57.3% ngo-2016/17.

OLUNYE UDABA: Senyukile isibalo sokudlwengulwa kwabantu kuleli - Stats SA

Emizini egqekeziwe kulo nyakamali ophelile, ingu-38% eyenelisekile ngendlela amaphoyisa awasingathe ngayo amacala.

Kuleyo mizi, eyisithupha kweyishumi (59.9%) ingeyabelungu, kuthi engu-33.3% ngeyabantu abamnyama.

USihlalo weGauteng Community Policing Forum, uVernon Smith, uthe lokhu kwehla kokungathembakali kwamaphoyisa kungenxa yokuthi zincane izimoto eziteshini zamaphoyisa kanye namaphoyisa nawo imbala.

Enye inkinga, ngokusho kukaSmith, “ukubola kwamazambane ambalwa esakeni” kanye nenkohlakalo yamanye amaphoyisa, yikho okudala lokhu.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.