Abelungu basaqhubeka nokuyikha ngamafosholo imali - Ucwaningo

2017-01-28 11:04

Pretoria – Abantu abampisholo eNingizimu Afrika basaqhubeka nokudonsa kanzima ngasezimalini njengoba kuvela ukuthi bahola kancane kakhulu uma beqhathaniswa nabelungu.

Kuthiwa abelungu bahola ngokuphindwe kahlanu uma kuqhathaniswa nabantu abamnyama, kusho umbiko weStatistics South Africa ngoLwesihlanu.

Imali engenayo ngonyaka ekhaya labantu abamnyama ngalinye ilinganiselwa ku-R92 893 uma kuqhathaniswa no-R444 446 ongena ekhaya labelungu, kusho umbiko weStasts SA, iLiving Conditions Survey, owenziwa njalo emuva kweminyaka eyisihlanu.

OLUNYE UDABA: Ucwaningo luveza ukuthi bathembekile abesifazane bakuleli

Abantu abamnyama benza u-80% wabantu bakuleli abangu-55 million kanti abelungu benza u-8% kuphela.

Isikhulu seStats SA uGeneral Pali Lehohla uthi iziphathimandla okuyizo ezibeka imithetho kumele ziziqaphele lezi zinombolo ukuze zithathe izinqumo ezifanele.

“Kunokungalingani okukhulu okukhona okuqaphelekayo kuleli,” esho.

INingizimu Afrika, ehamba phambili e-Afrika ngezimboni, iyehluleka ukuqeda ububha nendlala kusukela kwaphela uhulumeni wobandlululo.

Umnotho wakhula kakhulu eminyakeni yokuqala ngemuva kukahulumeni wobandlululo, kepha laya ngokwehla izinga kule minyaka eyedlule.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.