Abenxanxathela yezitolo ebanjwe inkunzi bacela usizo emphakathini

2018-04-03 14:00

Johannesburg - ICresta Shopping Centre eseRandburg, eGoli, inxusa amalungu omphakathi ukuba eze ngaphambili nemininingwane mayelana nesigameko sokuphanga esezeke e-Edgars Connect ngoMsombuluko.

Lolu daba luyaphenywa ngamaphoyisa aseLinden.

Abasolwa abathathu babalekile endaweni yesigameko besebenzisa izimoto ezimbili – emhlophe yohlobo lwe-Toyota Corolla kanye ne-silver yohlobo lweHyundai i20, ebezinezinombolo ezingumbumbayo.

OLUNYE UDABA: Kushone 6 wabantu imoto iphaphalaza emgwaqeni

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Mavela Masondo uthi kube nokuqhuma kwesibhamu lapho kupakwa khona izimoto eCresta.

Esinye sezisebenzi ebesiseduzane nesitolo sibone kwenzeka into engaqondakali ngase-Edgars Connect sabikela onogada baseCresta kanye nabaphathi, kusho okhulumela le nxanxathela yezitolo uCandice Mullins.

Akulimalanga muntu kulesi sigameko.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.