Abenza amabhokisi omngcwabo bathi babona ithuba base beyalisebenzisa

2017-09-01 07:01

Qwaqwa - Abesimame abane nowesilisa oyedwa bathathe isinqumo sokusebenzisana ukuze baxoshe ikati eziko.

UModiehi Motaung, 32, wasePhuthaditjhaba okunguyena ohola iThusang Sechaba Co-operative utshele abe-Daily Sun ukuthi: “Saqala ibhizinisi lethu eminyakeni emihlanu eyedlule ngesikhathi sibona ukuthi eQwaqwa akekho umuntu owenza umsebenzi wokwakha amabhokisi omngcwabo."

Uthi baqala ukwenza amabhokisi asezingeni eliphezulu kodwa bawadayisa ngamanani aphansi.

“Salithuthukisa kancane kancane ibhizinisi lethu kanti manje sesenza zonke izinhlobo zamabhokisi; amakhulu, amancane, ajwayelekile kanjalo nasepopheleni eliphezulu,” kusho yena.

OLUNYE UDABA:UMengameli Zuma uzohambela umngcwabo ka-Ontlametse Phalatse

Uthi amakhasimende abo avumelekile ukulikhokhela kancane kancane ibhokisi njalo ngenyanga.

Le nkampani ithi idayisa kakhulu ekupheleni kwenyanga lapho amakhasimende abo afaka khona ama-oda amaningi.

Uthi amabhokisi ezingane aqala ku-R2 000 kanti awabantu abadala aqala ku-R6 000.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.