Abenzi kahle abafundi abamnyama emanyuvesi - Lehohla

2017-01-24 07:08

Johannesburg – Imfundo yamahhala ingakhoneka, kodwa abafundi abamnyama bazoqhubeka nokungaphumeleli ngenxa yokungasekwa ngokwanele noma yezinkinga zasemakhaya, kusho uPali Lehohla weStats SA ngoMsombuluko.

Ziyingcosana izingane zabantu abamnyama namakhaladi eziphothula ngempumelele ukufunda emazingeni aphezulu, uma kuqhathaniswa nezingane zabelungu kanye namaNdiya, usho kanje phambi kweFees Commission eCenturion.

Ngokocwaningo, kusukela ngabo-1950s kuze kube yimanje, siyenyuka isibalo sabelungu, amaNdiya kanye nabase-Asia abaphasa umatikuletsheni, bangene emanyuvesi, baphinde baphumelele.

OLUNYE UDABA: Umisiwe uthisha owashaya umfundi

Isibalo sabantu abamnyama namakhaladi naso Siyakhula kodwa kancane kakhulu. Sinyukile isibalo ngemuva kuka-1990 kodwa sehla futhi ngaphambi kuka-2000, okuyinto esaqhubeka namanje, kusho uLehohla.

Abafundi abamnyama phakathi kuka-1960 no-1980 benze kangcono, nakuba bebancane kakhulu abangena emanyuvesi.

Okwamanje bangaphansi kuka-50 000 abafundi abamnyama abaphothula ngempumelele izifundo zabo emanyuvesi nge-bachelor’s degree.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.