AbeRhythm City kusekude baqede indawo kaDumi Masilela

2017-08-18 19:30

Johannesburg - Ababhali nophrojusa bomdlalo oyintandokazi kumabonakude, iRhythm City etshengisa ku-e.tv phakathi nezinsuku, kulindeleke ukuba badingide ukuthi bazoyibulala kanjani indawo yomlingisi, uDumi Masilela.

Lokhu kulandela ukudlula kwakhe emhlabeni ekuqaleni kwale nyanga.

UMasilela, obedlala indawo kaSifiso Ngema kulo mdlalo, udlule emhlabeni ngemuva kokudutshulwa esigamekweni sokuzama ukuduna imoto ngomhlaka-2 Agasti eTembisa.

OLUNYE UDABA:BUKA: Itshe lethuna likaDumi Masilela lika-R160 000

Ukudlula kwakhe emhlabeni kwashaqisa abantu abaningi ezweni, abalandeli bakhe abamazela kulo mdlalo bedlulisa amazwi enduduzo.

Isikhulumi seRhythm City, uJoe Strydom, uthe ababhali bomdlalo bebengakasithathu isinqumo sokuthi bazokwenzenjani ngendawo ebidlalwa nguMasilela kodwa bebefuna ukwenza isiqiniseko sokuthi babonakalisa amagalelo akhe.

"Bekunganqunywa ukuthi uzophuma kanjani emdlalweni uDumi. Sekube nezingxoxo kodwa isinqumo sizothathwa emihlanganweni ezayo yomdlalo.

"Bazoqhamuka nezindlela ezahlukene bese kuthathwa isinqumo. Sifuna ukuqiniseka ukuthi siyawahlonipha amagalelo kaDumi," kusho uJoe.

Okhulumela umdlalo uMpumi Phillips uthe ophrojusa bambe izingxoxo ezimbalwa kodwa babe besekhetha ukumgcina uMasilela kulo mdlalo okwamanje kuze kushaye u-Okthoba.

 - Sunday World

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.