Abesifazane ababili 'badlwengulwe' etekisini beya emsebenzini eShakaskraal

2017-06-14 14:00

uMhlali - Uhambo oluya emsebenzini luphenduke lwaba muncu kwabesifazane ababili abagitshezwe etekisini ngenkani badlwengulwa ngaphambi kokukhishwa itekisi lihamba.

Lokhu kwenzeke KwaDukuza kanti amaphoyisa aseMhlali athi aphenya amacala amabili okudlwengula avulwe yizisulu.

Ngokubika kwephephandaba lomphakathi iNorth Coast Courier, isigameko sokuqala senzeke e-Upper Tongaat lapho owesimame obelibangise emsebenzini ngezinyawo ecashunwe amadoda amabili abehamba ngetekisi.

Lawa madoda ahambe nalo wesimame lapho kusolakala khona ukuthi abe esemdlwengulela eShakaskraal nokuyilapho afike amlaxaza khona.

OLUNYE UDABA:Kudlwengulwe isalukazi, 84, emzini waso e-KZN

Isigameko sesibili senzeke eShakaskraal kanti nesisulu sesibili sithi sifakwe ngenkani etekisini sadlwengulwa sase silaxazwa eduze komgwaqo.

Okhulumela amaphoyisa aseMhlali uVinny Pillay uthe okwamanje ngeke bakwazi ukuqinisekisa ukuthi yitekisi elilodwa na elibandakanyeka kulezi zehlakalo.

USunshine Mthiyane okhulumela usoseshini wamatekisi aseDolphin Coast uthe abashayeli babo bagadiwe futhi abukho ubufakazi bokuthi amatekisi abo noma ngawabantu abazisebenzayo.

“Amatekisi ethu anezitikha ezitshengisa uphawu lwethu ukuze abantu basheshe bawabone kanti nokusebenza kwawo kuqashwe ngawokhozi. Akhona namatekisi asebenzela kule ndawo alayisha abasebenzi kanye nabafundi ngakho-ke ngeke sazi ukuthi ngobani imigulukudu,” kusho uMthiyane.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.