Abesifazane bakulungele ukuhola: Dlamini

2017-08-31 11:02

Johhanesburg - UNgqongqoshe woMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi uBathabile Dlamini uthi abesifazane be-African National Congress (ANC) bakulungele ukuhola iqembu njengoba kuzoyiwa okhethweni lozongena esikhundleni sikaMengameli Jacob Zuma ngoDisemba.

Ubekhuluma lapho bekubuthene khona abesifazane e-University of the Western Cape kanye neCape Peninsula University of Technology, ePaarl.

Amakhulu abantu besifazane abancane bagcwalise i-UWC Great Hall lecture theatre.

UDlamini uthe akukhona okokuqala udaba lukamengameli wesifazane luphakanyiswa ebuholini be-ANC.

OLUNYE UDABA: Usevule icala umama wengane eshonele enkulisa

Nezinye izikhulumi zabesifazane zizwakalise ukuthi abesifazane bakulungeke ukuhola.

“Ngithanda ukubona uMama Nkosazana Dlamini-Zuma ebangumengameli, hhayi ngoba engowesifazane kodwa ngoba angawenza umsebenzi wokuba ngumengameli.”

UDlamini uthe abesifazane kumele babumbane ukulwisana nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane.

- SABC

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.