Abesifazane bazovunyelwa ukungena enkundleni yezemidlalo - Umbiko

2017-09-22 09:27

Riyad – Uhulumeni waseSaudi Arabia usumeme abesifazane ukuba babe yingxenye yemigubho yaminyaka yonke ezobanjelwa enkundleni yezemidlalo kanye nemindeni yabo, kusho umbiko ngoLwesithathu.

Le ndawo ngaphambilini ibiyaziwa ngokuthi yindawo yamadoda kuphela.

Imindeni izovunyelwa ukuba ingene eKing Fahd Stadium, eRiyadh, okuyinkundla esetshenziselwa ibhola lezinyawo kakhulu.

Kuthiwa nokho le mindeni izohlala ngokwehlukana nabesilisa abangakathathi kulo mgubho wokubungaza i-87th National Day ngempelasonto.

OLUNYE UDABA: Bafuna ukuvunyelwa ukushayela izimoto abesimame

"Inkundla ikulungele ukwamukela abantu ababalelwa ku-40 000 abazohlala ngokwehlukana uma behamba ngabodwana, nemindeni nayo izohlaliswa yodwa,” kusho iSaudi Press Agency esitatimendeni.

Lokhu kusho uguquko mayelana nale migubho lapho abesifazane bakuleliya lizwe ngokujwayelekile bengavumelekile ukungena ezinkundleni zemidlalo ngenxa yomthetho okhona wokuthi abesifazane nabesilisa akumele babonakale ndawonye emphakathini.

ISaudi Arabia iyizwe elinemithetho enqala ebhekiswe kwabesifazane, kanti yilona lodwa izwe lapho abesifazane abangavumelekile khona ukushayela.

Ngaphansi komthetho waleli lizwe, ilungu lomndeni lesilisa – ngokujwayelekile ubaba, umyeni noma ubhuti – kumele kube yilo elinikeza owesifazane imvume yokuba afunde, ahambele amazwe noma enze ezinye izinto eziphathelene nempilo.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.