‘Abesifazane kumele baqale ukuhola i-grant besakhulelwe’

2017-02-08 16:00

Cape Town – Ukukhulelwa kanye nokubeletha kunciphisa amathuba okuthi owesifazane akwazi ukwenza izindlela zokuthola imali engenayo kanti ngaphezu kwalokho kuphinde kudale nezinye izindleko eziningi.

Lokhu kuhlanganisa isidingo sokuthi udle ngendlela efanele kanye nezindleko zokugibela uma owesifazane egqigqa imitholampilo ngesikhathi ekhulelwe.

Abesifazane abadla imbuya ngothi bakuthola kunzima ukuhlangabezana nalezi zindleko, nokuyisona sizathu sokuthi amazwe amaningi axhase ngesibonelelo sabantwana ukubhekana nalesi simo.

OLUNYE UDABA: Asiyidingi i-grant, sifuna umhlaba - Malema

Isibonelelo sezingane eNingizimu Afrika sishayelwa ihlombe njengesiyimpumelelo ekunciphiseni ububha kanti sesiphucule nezimpilo zezingane ezisencane.

Kodwa-ke leli zwe kusamele libheke ukulula lesi sibonelelo ukuze siqale ukuholwa abesifazane ngesikhathi besakhulelwe.

Ucwaningo olwenziwe yi-The South African Medical Journal lubheke izibonelelo zabakhulelwe emazweni angu-27 ukubona ukuthi iNingizimu Afrika yini engayifunda ngokuqalisa uhlelo olufanayo.

Lolu cwaningo lwenziwe emazweni asezingeni elifanayo neNingizimu Afrika kanti luthole ukuthi isibonelelo sabakhulelwe singasiza abesifazane bakwazi ukufinyelela osizweni olungaphucula izimpilo zabo kanye nokudla abakudlayo ngesikhathi bekhulelwe.

Lokhu kungaholela ekuncipheni kwezigameko zokuphuphuma kwezisu kanye nokushona kwezingane ezisanda kuzalwa, bese kuphinde kuthuthuke nokukhula kwezingane ezisencane zize zihlanganise unyaka wokuqala zizelwe. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.