Abezindaba bacabanga ukuthathela iBLF kaMngxitama izinyathelo zomthetho

2017-07-28 18:00

Johannesburg – Uphiko lwezindaba olubika ngezindaba eziphenyiwe, amaBhungane, seluzichithile izinsolo zomholi weBlack First Land First (BLF), u-Andile Mngxitama, zouthi ushaywe owesilisa omhlophe ngesikhathi lubambe umhlangano obumayelana nama-emails aputshuka athinta umndeni wakwaGupta nezinsolo zokulawulwa kombuso (#GuptaLeaks) - i-"Inside the #GuptaLeaks" – nobusehholo ledolobha eBraamfontein, eGoli ngoLwesine ebusuku.

Okunalokho amaBhungane athi uMngxitama kanye namalungu eqembu lakhe baphazamise lo mhlangano baphinde baphusha uStefaans Brümmer, kwaphinde kwaba nokujikijelela ngamazwi.

Kodwa-ke iBLF ivule icala lokuhlukunyezwa kanye nokucwaswa ngokwebala esiteshini samaphoyisa eHillbrow ngemuva kokuthi “indoda emhlophe” kusolakala ukuthi ishaye uMngxitama kulo mcimbi.

Amaphoyisa aseHillbrow athi sekuvulwe icala lokusabisa.

OLUNYE UDABA: Unogada omkhulu kaZuma ezinsolweni zokugwazelwa

UBrümmer uthe, ngemuva kokuba kuqale lesi siphithiphithi, uye lapho bekuhleli khona uMngxitama, nalapho ebe eselandelwa khona uzakwabo kumaBhungane, uMicah Reddy.

“Njengoba bekubukeka sengathi abantu abebedala ukuphazamisa bebesondelene noMngxitama, ngiye kuyena ukuyoqala ingxoxo ngokuthi singakubuyisa kanjani ukuthula. Kungenzeka ngibeke isandla sami ehlombe lakhe ukuze ngimthinte. Angizange ngisho ukuthi ‘yeke lo doti wakho’, kodwa ngimcelile ngathi ‘ngicela ulawule abantu bakho’, noma amagama afana nalawo.”

Uthi uMngxitama uvele wasukuma, wammbamba ngezandla zombili, wabe esezama ukumfuqa phansi.

“Umuntu wesibili ube esengiphushela phansi. Angizange ngigoloze.”

amaBhungane athi asexoxa ngesinyathelo esilandelayo nabameli, njengoba izenzo zikaMngxitama kanye nokuphazamisa kungase kuphambane nomyalelo weNkantolo eNkulu ovimbela uMngxitama kanye neBLF ekutheni basabise futhi bahlukumeze izintatheli.

Ekhuluma neNews24 esesiteshini samaphoyisa eHillbrow, okhulumela iBLF, uZanele Lwana, uthi amalungu amane eBLF abekulo mcimbi “ukuzoxoxisana” ngesihloko, ngesikhathi owesilisa omhlophe kusolwa ukuthi ube esemshaya.

Emasontweni amabili edlule, kusolwa ukuthi abamba ngamawashingi aphinde athuka uReddy, kulandela ukuqoshwa kohlelo lwe-SABC, iDaily Thetha, nolwalubhunga ngezindaba ezingombombayi, eGoli. 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.