Abhodla umlilo amalungu ebandla, uFata edayisa eyebandla

2017-03-23 12:32

Durban - Abhodla umlilo amalunga ebandla lamaRoma, iKranskop Catholic Mission eKranskop, maphakathi neKwaZulu-Natal asola ufata ngokuthi udayise ingxenye yepulazi lebandla qede wazimoklozela imali wona engazisiwe kanjalo nababhishobhi abamphethe bengazisiwe.

ILANGA lithole ngemithombo yalo engashayi eceleni ukuthi amalunga aleli bandla athukuthele agane unwabu ngesenzo sikaFata Arbeton Sithole sokungawazisi ngesinqumo sakhe sokudayisa ingxenye yepulazi lebandla.

Imithombo yaleli phephandaba iveze ukuthi ababhishobhi baleli bandla sebebize umhlangano ophuthumayo ukuyodingida lolu daba, okulindeleke ukuba ube ngoMgqibelo ekuseni.

OLUNYE UDABA: Uzibulele uFata obesekudume ukuthi uyisitabane

Ithi kulo mhlangano uFata Sithole uzobe eyochaza kabanzi ngalezi zinsolo ezibhekiswe kuyena, esezisabalele.

Imithombo yaleli phephandaba engaphakathi kuleli bandla, ithi le ngxenye yepulazi, uFata Sithole uyidayisele usomabhizinisi womdabu waseNdiya.

Kuthiwa amalunga ebandla abelokhu ebona ngalo somabhizinisi ephuma engena epulazini kodwa engazi ukuthi kuqhubekani. Indaba ayizwe isikhulunyelwa phansi ukuthi lo somabhizinisi useyithengile ingxenye yepulazi.

Lokhu kubikwa ukuthi kuwathukuthelise kakhulu amakholwa edinwa wukuthi asebenze kanzima akha le mishini, ufata usithathaphi isibindi esingaka sokudayisa indawo yawo engakhulumile nawo.

"Okusidina kakhulu kuyona yonke le nto, lo fata owenze le nto usanda kufika akakaqedi ngisho iminyaka emithathu ekhona kodwa usekwazi ukuthatha izinqumo ezinkulu kangaka engakhulumile nathi," kusho ilunga lebandla elingathanda ukudalulwa.

Amalunga ebandla kumanje ahlafuna ejeqeza asaba ukuthi kungenzeka umuntu odayiselwe leli pulazi afike noma kunini eyowakhipha endaweni yakhe.

"Sizamile ukuhlala phansi sixoxe noFata Sithole ukuthi asicacisele kabanzi ngezinsolo esezisabalele zokuthi udayise ipulazi lebandla kodwa wangasithela lutho olubambekayo. Sigcine singazitholanga izimpendulo. Sesinqume ukuthi udaba siludlulisele kubabhishobhi ukuze bangenelele," kusho elinye ilunga lebandla.

ILANGA lishayele uFata Sithole ophike walala ngomhlane ukuthi kunodaba lokudayiswa kwendawo yebandla alwaziyo.

"Ngiyaqala ukuluzwa lolo daba, kangazi lutho ngokudayiswa kwepulazi, kangazi nokuthi ukhuluma ngani," kusho uFata Sithole.

Ebuzwa ngomhlangano ozokuba ngoMgqibelo obizwe ngabaphathi bebandla, uthe: "Ngiyazi ngomhlangano ongoMgqibelo kodwa kawuhlangene nokudayiswa kwepulazi, kuyokhulunywa ngezinto ezithinta ibandla engingeke ngikwazi ukuzivezela abezindaba."

ILANGA lishayele udikoni webandla, uMnu Sifiso Mpaza, ovumile ukuthi uyalwazi udaba lokudayiswa kwengxenye yepulazi lebandla.

"Udaba siyalwazi yize engawazisanga wonke amalunga ebandla. Kuyiqiniso, kudayiswe ingxenye yepulazi ngenxa yokuthi ibandla belibhekene nenkinga yokungabikhona kwezimali, kudingeka ukuthi kwakhiwe isakhiwo esisha sebandla.

"Ufata ubone ukuthi kungcono kudayiswe ingxenye yepulazi kunokuthi aphume ayofuna izimali emabhange.

"Kunzima ukuthola izimali ezibolekisayo emabhange ezindaweni zasemakhaya. Kuyiqiniso sizoba nomhlangano ngoMgqibelo, kuyodingidwa yona indaba yokudayiswa kwengxenye yepulazi lebandla," kusho uMnu Mpanza.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.