Abrahams kumele achazele umengameli ukuthi kungane engamele axoshwe

2016-11-15 19:33

Johannesburg – UMengameli uJacob Zuma ubhalele inhloko ye-NPA uShaun Abrahams ngokuthi anikeze izizathu ngokuthi kungani kumele agcine isikhundla sakhe.

Lokhu kulandela isinqumo se-NPA sokuhoxisa ukubekwa kwamacala uNgqongqoshe weziMali uPravin Gordhan.

Ihhovisi likamengameli lithe uZuma uveze ukuthi ufuna izincazelo mayelana nalokhu okwenzeka emasontweni ambalwa adlule.

U-Abrahams kanye nozakwabo uMqondisi wesokuShushiswa koMphakathi uSibongile Mzinyathi kanye neBamba loMqondisi oKhethekile wokuShushiswa koMphakathi uDkt Torie Pretorius bonke kumele bathumele izizathu zokuthi kungani kumele kuhlengwe izikhundla zabo.

OLUNYE UDABA:Umengameli Zuma ushiye angalazi kulabo abagxeka i-ANC

Kusenjalo sekuvele ukuthi u-Abrahams kanye nesikhulu soKlebe uBerning Ntlemeza bebethumelana imilayezo engemihle lapho behlaselana khona mayelana nesinqumo sokuhoxiswa kwamacala kaGordhan.

UNtlemeza uthumele u-Abrahams umlayezo emtshela ukuthi asisihle nezi isinqumo asithathile sokuhoxisa amacala ngoba benobufakazi obanele kuphenyo lwabo.

UNtlemeze uthe lamacala ahoxiswe ngenxa yemisindo ebibangwa abezindaba kanye nabantu abatheli abangaphansi kwezinhlangano ezikhethekile

U-Abrahams akaywuthathelanga phansi lo mlayezo ngoba akapholisanga maseko ukuwuphendula ngokuthi kuyilungelo lakhe njengesikhulu se-NPA ukwenza okufanele ihhovisi lakhe.

"Igunya lakho lezomthetho kanye noMthethosisekelo alikuniki imvume yokuba ungeluleke ngalokhu okumele ngikwenze nokuthi ngiwuphathe kanjani umsebenzi wami.

"Ngicela ukuthi ugxile emsebenzini wakho nokuqinisekisa ukuthi wenziwa ngendlela efanelekile," kusho u-Abrahams.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.