Abukho ubufakazi obuphathekayo kwelokwebiwa kwemali e-OR Tambo

2017-04-10 19:30

Johannesburg - Abasolwa abathathu abasolwa ngokweba izigidi zemali esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo bathole ibheyili eNkantolo kaMantshi yaseKempton Park.

USibusiso Job Mnisi‚ osebenzela inkampani i-Guard Force International‚ unikezwe ibheyili ka-R50 000. Usomabhizinisi uPrince Raphael Dube yena uthole ibheyili ka-R150 000‚ kanti uThando Sonqishe naye ongusomabhizinisi uthole ibheyili ka-R100 000.

IMantshi u-Amukelani Msimeki uthe lintekenteke kakhulu leli cala kodwa yize kunjalo ubeke imigomo nemibandela eqinile yebheyili kula basolwa.

Eminye yemigomo ihlanganisa ukuthi abasolwa kumele bayosayina esiteshini samaphoyisa eMidrand izinsuku ezimbalwa ngesonto futhi  abavumelekile ukuphuma esifundazweni iGauteng.

“Kubonakala sengathi uphenyo luzothatha isikhathi eside ukugoqwa futhi kulindeleke ukuba kuvele obunye ubufakazi uma bukhona obukhomba la basolwa kulobu bugebengu,”kusho iMantshi.

OLUNYE UDABA:Lihlehlile elabosolwa ngokubamba inkunzi e-OR Tambo

Imantshi ibuye yathi iqinisa imigomo yebheyili ukuqinisekisa ukuthi abasolwa abeqi uma sekuqulwa icala yize bungekho ubufakazi obubaxhumanisa naleli cala.

“Alukho ulibofuzo kanye nama-video atshengisa ukuthi la basolwa bayathinteka kuleli cala,” kuqhuba imantshi.

Kulindeleke ukuba le mantshi ithathe isinqumo ngezicelo zebheyili ezifakwe abanye abasolwa ngaleli cala uFrance Manaka‚ Simon Thokwane kanye noCosmos Ntanzi ngoLwesibili, kubika iTimeslive.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.