Adayisa okwamakhekhe ashisayo ama-Morning After kuleli - Ucwaningo

2017-03-15 19:30

Johannesburg - Ngesikhathi kuhlasele isishingishane esinguDineo eMozambique nasezingxenyeni zakuleli, iNingizimu Afrika ngenyanga ephelile kuvele olunye uhlangothi ngezakhamuzi zakuleli ezisebenzisa izinkundla zokuxhumana kwaphinde kwaveza nohlangothi olubi kubantu bakuleli.

Izulu elibi elaholela ekutheni kubemakhaza, namasonto amabili ezimvula ezinamandla nezikhukhula ezweni, kubukeka sengathi yikho okwaholela ekutheni iningi lizibandakanye ocansini olungaphephile.

Iphephandaba iSunday World lenze ucwaningo emakhemesi ahamba phambili eGauteng kanti imiphumela ingase imenze aphithanelwe yikhanda uNgqonqgoshe wezeMpilo, u-Aaron Motsoaledi, ngenxa yokunyukelwa yi-Blood Pressure (BP).

OLUNYE UDABA: Bayanda abazithokozisa ngamathoyizi ocansi kuleli - Ucwaningo

Amakhemisi amaningi athe isimo sezulu esingesihle saholela ekutheni aphelelwe ngamaphilisi okuvikela abantu besifazane ukuba bakhulelwe, phecelezi ama-morning after pill.

Amanye amakhemesi athi ngokujwayelekile la maphilisi avame ukudayiswa kakhulu ebusika.

Isimo sezulu ebesingesihle kuleli siholele ekutheni izithandani zenze ucansi olungavikelekile nokwenze ukuthi usokhemisi waseGoli, uDeevesh Govind, akhathazeke.

"Okukhathaza kakhulu ukuthi abantu ababodwa abawathengayo la maphilisi. Ngicabanaga ukuthi kufanele abantu besifazane bafundiseke ngaleli philisi."

Omunye usokhemisi waseMedirite eBalfour Park, enyakatho yeGoli uthe, inyanga okuthengwa ngayo kakhulu la maphilisi uDisemba.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.