Adedelwe ngebheyili amaphoyisa abonakala kwivideo 'efumbathiswa'

2018-04-10 16:03

Cape Town - Amaphoyisa amabili abanjwa amukela intshontsho endaweni yokudlela eKapa adedelwe ngebheyili yemali engu-R3 000 ngamunye.

La maphoyisa avele enkantolo yemantshi yaseBlue Down ngoMsombuluko kanye nendoda esolwa ngokuwafumbathisa, nayo ededelwe ngebheyili.

La basolwa bazophinde bavele enkantolo ngoJuni.

OLUNYE UDABA:Lilahlwe yicala iphoyisa lomgwaqo elalifuna 'intshontsho'

La maphoyisa aboshwe ngemuva kokuvela kwevideo etshengisa ukuthi la maphoyisa, elineminyaka engu-48 nelineminyaka engu-56 ubudala, alamukela kanjani intshontsho ehlezi endaweni yokudlela eseZevenwacht eKuils River ngoLwesihlanu.

Okhulumela amaphoyisa eWestern Cape uSergeant Noloyiso Rwexana uthe la madoda athweswe icala lokukhwabanisa "kulandela ukufumbathiswa yilungu lomphakathi".

 - TimesLive 

 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.