Adedelwe ngebheyili amaphoyisa asolwa ngokukhwabanisa

2016-12-21 19:27

Johannesburg - Avele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yasePeddie namuhla ngamacala okukhwabanisa amaphoyisa amathathu akwaMasipala waseNgqushwa e-Eastern Cape.

UMzuvukile Nelson Nkontso‚ 50‚ UNoluvuko Viba‚ 29‚ noPhathekile Dinginto‚ 44‚ baboshwe ngamaphoyisa ophiko loKlebe, iSerious Corruption Investigation (SCI).

OLUNYE UDABA: Amaphoyisa atalabhe onqabe ukukhipha intshontsho

"La maphoyisa asolwa ngokufuna intshontsho kubashayeli abadlula emgwaqeni u-R72 ophakathi kwase-Est London nasePort Alfred," kusho isitatimende soKlebe.

"La maphoyisa asolwa ngokuphinde afune ukufumbathiswa ngabashayeli abahamba emgwaqeni u-N2 ophakathi kwaseKing Williams Town naseGrahamstown."

La maphoyisa aboshwe ngemuva kokusebenzisana kwamaphoyisa ophiko lwe-SCI neCrime Intelligence.

UNkontso, uViba noDinginto badedelwe ngebheyili yemali engu-R3 000 ngamunye kanti bazobuyela enkantolo ngomhlaka-26 Januwari 2017.

 - TMG Digital


- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.