Agixabezwe engu-20 ejele amadoda amabili ase-KZN ngokudlwengula

2017-01-31 14:30

Durban – Kugwetshwe amadoda amabili aKwaZulu-Natal iminyaka engu-20 ebhadle ejele emacaleni amabili ahlukene okudlwengula, kusho amaphoyisa endawo ngoLwesibili.

La madoda agwetshwe eNkantolo yesiFunda yaseZakheni ngesonto eledlule, kusho uCaptain Nqobile Gwala.

Ecaleni lokuqala langoDisemba 2015, umsolwa, 59, wadlwengula ephindelela umzukulu, 11.

OLUNYE UDABA: Ugwetshiwe owaseColenso ngamacala okudlwengula

Ugogo wale ngane nguye owabamba le ndoda iqhoqhobele intombazane egaraji, kusho uGwala.

Ugwetshwe iminyaka engu-20 ejele ngelokudlwengula, kwatholwa nokuthi akekho esimeni esikahle sokuba angaphatha isibhamu.

Igama lale ndoda libhaliswe kwi-National Register for Sexual Offenders.

Esigamekweni esihlukile, uMmeli Shabalala, 20, wabanjwa edlwengula intombazane, 9, ngo-Ephreli 2016.

Udadewabo kale ntombazane wangena endlini wafica umsolwa edlwengula ingane wase eyotshela umama wakhe.

UShabalala ugwetshwe iminyaka engu-20 ejele.

Naye utholwe engekho esimeni sokuba aphathe isibhamu kanti negama lakhe libhaliswe ohlwini lwabantu abalahlwe amacala okunukubeza ngokocansi.


- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.