Agwetshiwe amadoda aseNseleni adlwengula intombazane eshintshisana ngayo

2017-09-02 15:11

Durban – INkantolo yesiFunda yaseMpangeni igwebe uMbuyiseni Ndebele noSipho Mhlongo, bobabili abaneminyaka engu-29 ubudala, iminyaka engu-15 bebhadla ejele ngecala lokudlwengula abalenza ngo-2014.

Kuthiwa ngoDisemba ka-2014, ingane yentombazane eyayineminyaka engu-14 ubudala yayivakashele umama wayo eNseleni ngesikhathi ibhudukezwa amadoda amabili.

“La madoda abe esethuma le ntombazane esitolo ukuba iyowathengela ugwayi nama-chips,” kusho okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala.

OLUNYE UDABA: Bagwetshiwe abathathu abalahlwe elokudlwengula

UGwala uthi yathi ibuya le ngane esitolo bayidushela endlini base beyashintshisana ngokuyidlwengula.

“Kwavulwa icala lokudlwengula emaphoyiseni aseMpangeni kwase kuqaliswa uphenyo olwaholela ekutheni kuoshwe uMhlongo noNdebele,” kusho uGwala.

Laba bahamba icala kwazse kwaba liyabalahla, base begwetshwa iminyaka engu-15 umuntu ngamunye.

Lowo oyibamba likaKhomishana wamaPhoyisa esifundazweni, uMajor General Bheki Langa,uwashayele ihlombe amaphoyisa abephenya leli cala eliholele ekutheni abamangalelwa bagcine sebevalelewa ekhulukuthu.

“Ngeke kubekezelelwe ukuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane,” kuphetha uLanga.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.