Agwetshwe iminyaka engu-7 amaphoyisa amukela intshontsho

2018-03-03 11:22

Port Elizabeth - Amaphoyisa amabili omgwaqo alahlwe yicala eNkantolo yamaCala aphathelene nezeziMali ePort Elizabeth ngokwamukela intshontsho.

UNosicelo Ncapai, 43, noMzukisi Mrara, 47, bagwetshwe iminyaka eyisikhombisa bebhadla ejele, isigwebo salengiswa iminyaka emihlanu, ngamacala amabili enkohlakalo.

UMrara uphinde walahlwa ngelinye icala lesithathu lenkohlakalo.

Abavunyelwanga ukuba baphikise isinqumo senkantolo. UNcapai uvele waquleka eseyongena esitokisini.

Laba baboshwa ngemuva kokumisa iloli elalipake kulayini ophuzi emgwaqeni. Umshayeli wayethulula impahla phambi kwenkampani ethize ngesikhathi uNcapai emtshela ukuthi uzomnikeza ithikithi lika-R1 000 ngaphandle uma kukhona angabanikeza khona.

Umshayeli wakhipha u-R200 esikhwameni semali, watshelwa ukuba awufake ngewindi emotweni yamaphoyisa.

OLUNYE UDABA: Ugwetshwe kanzima owayehlasela abantu eMandawe

Ngokuhamba kwesikhathi lona wesilisa watshelwa ukuthi incane le mali, waphinde wakhipha omunye u-R150. Amaphoyisa abe esehamba, engamhlawulisa.

Lolu daba lwabikelwa amaphoyisa ngokuhamba kwesikhathi.

Ngalo lolo suku, amaphoyisa aphinde afuna u-R100 komunye umshayeli wetekisi owayeshayela ephethe izincwadi eseziphelelwe yisikhathi futhi ehamba ngemoto engakulungele ukuba semgwaqeni.

Icala lesithathu elimayelana noMrara lenzeka ngomhlaka-2 Ephreli 2015, lapho amisa khona imoto eyayinamasondo agugile futhi umshayeli wayo enezincwadi esezidlulelwe yisikhathi.

Watshela umshayeli ukuba amnikeze imali encane ukuze ezomehlisela imali yenhlawulo, nebala umshayeli wamnikeza u-R100.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.