Ahoxisiwe amacala abebhekene nabebeboshelwe awokubulala eMarikana

2017-12-14 14:01

Johannesburg - Asehoxisiwe amacala abethweswe amadoda amabili abeboshelwe ukubandakanyeka ezigamekweni zokubulawa kwezikhulu ze-Amcu eMarikana.

Ngo-Okthoba, inyunyana yabasebenzi yacela umhlangano ophuthumayo noNgqongqoshe wamaPhoyisa uFikile Mbalula inxenxa ukuba kusheshiswe ukushushiswa kwalabo abangababulali kuleya ndawo kusukela ngo-2012.

Kodwa, enye yamadoda ebandakanyeka ezigamekweni zokubulawa kwabantu, yathi yona imsulwa.

OLUNYE UDABA:Amalungu e-Amcu ahlelele ovalweni

Ilungu le-Amcu elaxoshwa, uZithobile Mangqo, lathi uMengameli we-Amcu uJoseph Mathunjwa naye unesandla kulezi zigameko.

"Abasebenzi balwa bodwa ngenxa yalabo ababasekayo. Lezi zinkinga zidalwa umengameli wenyunyana noDumisani, umhleli. Siphila ngaphansi kwezimo ezinzima," esho.

"Ngaboshwa eLusikisiki ngamaphoyisa ayehlomile. Avimbezela ingane yami eneminyaka engu-13 ubudala ayiphoqa ukuba iwatshengise ukuthi ngicashe kuphi. UMathunjwa waxosha abantu abangu-26 ababesohlangothini lwethu. Waze wathumela amaphoyisa ukuthi asilandele bese eyasibopha.

"Kodwa manje sesidedeliwe njengoba amacala esehoxisiwe. Sinobufakazi bokuthi nguye ungqondongqondo ekubulaweni komholi we-Amcu. Simcelile ukuthi angenelele njengomholi. Kunalokho, wavele wasihlaza enkundleni yezemidlalo kugcwele abantu."

 - eNCA

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.