Ahoxisiwe amacala okushaya abebhekene nomzukulu wamaqhawe omzabalazo

2017-09-21 09:37

Johannesburg – ULerato Sedi uhoxise amacala okushaya eyewavulele umyeni wakhe uShaka Sisulu ngoLwesithathu ekuseni, wathi umyeni wakhe wayengaqondile ukumlimaza.

Esitatimendeni esikhishwe ngokhulumela umndeni uShenanda Janse van Rensburg, uSedi uthe uwahoxisile amacala ngemuva kwesikhathi eside ecabanga ngalolu daba.

Uthe kwaba nokungaqondisisani kanti-ke futhi ukudlulisa lolu daba kuzosiza umshado wabo.

USedi wayesola uSisulu, ongumzukulu wamaqhawe omzabalazo u-Walter no-Albertina Sisulu, ngokumshaya ngesikhathi evakashe kubo.

OLUNYE UDABA: Kushone umfana 'obehlushwa' amabhoklolo

USedi watshela iCity Press ukuthi uSisulu wamshaya ngesicabha engalweni ngamabomu ngemuva kokucela imali yendodana yabo eneminyaka emithathu ubudala.

USisulu waziphika izinsolo. 

Esitatimendeni asithumelele iNews24, uSisulu uthe siyamjabulisa isiphetho salolu daba, sebezokwaiz ukulungisa umshado wabo.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.