Ahoxiswe okwesikhashana amacala abebekwe uMthokosizi Ndaba

2017-12-04 16:00

Cape Town – Ahoxisiwe ngoMsombuluko ekuseni amacala okushaya abebekwe lowo owakhala ngaphansi kuma-Idols uMthokozisi Ndaba ngesikhathi evele eNkantolo yeMantshi yaseHillbrow, eGoli, kusho amaphoyisa etshela iChannel24.

UNdaba waboshwa ngoLwesine olwedlule wabe esededelwa ngesexwayiso, wavela enkantolo namhlanje (ngoMsombuluko) ekuseni.

Lo mculi, 25, waKwaMashu ubelokhu esematheni kulandela ukuthi waphuma esteji ngejubane ngemuva kokumenyezelwa kukaPaxton Fellies njengayena onqobe ama-Idols alo nyaka.

UNdaba waphinde wanqaba ukuba yingxenye yesithangami sabezindaba kwathi ngokuhamba kwesikhathi kwavela ukuthi konke lokhu abekwenza ubekwenziswa wubuhlungu benhliziyo.

OLUNYE UDABA: Kulindeleke avele enkantolo uMthokozisi wodumo lwama-Idols

Wabe esehlinzekwa ngosizo lokululekwa ngokwengqondo ngoba nakhu wayehluleka ukwamukela ukuthi uhluliwe.

NgoMgqibelo, womhlaka-25 Novemba uNdaba wabe esevulelwa icala nguNeo Tsele, 21, owafaka izithombe ezimkhombisa elimele ezinkundleni zokuxhumana.

Wasola uNdaba ngokumshaya nangokomngqubuza ezindongeni eflethini eliseBraamfontein.

Okhulumela amaphoyisa uSergeant Mduduzi Zondo utshele iChannel24 ngoMsombuluko ekuseni ukuthi uNdaba uvele enkantolo, icala lakhe lahoxiswa okwesikhashana.

UZondo uthe nokho uNdaba angaphinde abhekane nala macala uma kuvela ubufakazi obanele.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.