'Akabikele amaphoyisa uZuma ngolwazi analo'

2016-11-21 12:35

Johannesburg - NgeSonto amaqembu aphikisayo eNingizimu Afrika anxuse uMengameli Jacob Zuma ukuba abike izenzo zenkohlakalo ngemuva kokuba ethe uyabazi abantu abantshontsha izimali zomphakathi.

UZuma kusukela ngoLwesihlanu ubesesifundazweni iKwaZulu-Natal, nokuyilapho etshele khona abalandeli be-ANC ukuthi uyabazi abantshontsha imali yomphakathi.

IDemocratic Alliance (DA) ne-Economic Freedom Fighters (EFF) ngeSonto bacele ukuba uZuma ayidlulisele kwiziphathimandla imininingwane anayo.

OLUNYE UDABA: Umfundisi usebenzise iDoom ukukhipha amadomoni kubazalwane

"UMengameli Jacob Zuma kungumsebenzi wakhe ukuba abikele iziphathimandla ngolwazi analo ngabenza ubugebengu,” kusho umholi weDA uMmusi Maimane esitatimendeni.

UMaimane uphinde wathi bazocela amaphoyisa aphenye ngabantu okuthiwa baziwa uZuma kulandela ukuba i-DA ivulele uMenganeli icala ngoLwesibili olwedlule.

“UZuma kumele abikele amaphoyisa  ngokushesha ngalabo abantshontsha izimali zomphakathi, ngale kwalokho i-EFF izomfakela isimangalo uMengameli,” kusho i-EFF esitatimendeni, kubika iHuffingtonpost.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.