Akafunanga ukuphawula ngohlelo olusha kumabonakude oweGagasi FM

2017-01-22 11:02

Johannesburg - Kubukeka sengathi uhlelo oselunesikhathi lwaqala ukubonakala kumabonakude iShift etshengisa ku-SABC1 phakathi nezinsuku selufika emaphethelweni.

Ngokusho kwemithombo sekuzongena uhlelo olusha iDaily Thetha oluzoqala ukutshengisa ngomhlaka-6 Febhuwari.

Imithombo isola ukuthi lolu hlelo olusha luzokwethulwa ngumsakazi weGagasi FM, uKini Shandu.

OLUNYE UDABA: Owesifazane wabukanisa uKini nabantu eShaka Marine World

Kuthiwa uKini ugcine ukuzwakala emsakazweni ngoLwesihlanu olwedlule.

"Leli thuba lifike ngesikhathi esikahle kuKini ngoba kuchaze ukuthi usengakwazi ukuthuthela eGoli," kusho umthombo.

Omunye umthombo uthe: " Nakuba umsakazo iGagasi FM lizolahlekwa njengoba uhlelo lwakhe abelushayela iBang Bang linabalaleli abangingi, kufanele naye aphume azibonakalise."

Yize kunjalo okhulumela abakwa-SABC, uKaizer Kganyago uzchithile izinsolo zokuhamba kukaKini.

UKganyago uthe: "Ubani okutshele lokho? Ngabe lowo mthombo yiwo okhulumela sakwa-SABC?

"Uma kunezinguquko sizonazisa thina.

"Lowo mthombo awukhulumeli thina," kusho uKganyago.

Ngesikhathi iSunday Sun izama ukuthola ukuphawula kukaKini ngodaba uthe: Akatholakalanga ephawula."

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.