Johannesburg - UBenni
McCarthy uthi kuyamjabulisa futhi uzizwa ehloniphekile ngokumataniswa
nesokuqeqesha i-Orlando Pirates.
IPirates yashiywa
nguMuhsin Ertugral ngonyaka odlule kanti kusukela lapho ngu-Augusto Palacios
obambe izintambo.
Nakuba
kukholakala ukuthi uPalacios uzimisele ngokuqhubeka nokubamba izintambo uma
iqembu lisamdinga, izimpawu zikhomba ukuthi lezi zinkunzi zaseSoweto zizoqoka
umqeqeshi omusha.
URuud Krol,
Luc Eymael noRuud Gullit bangabanye babaqeqeshi abamataniswa nalo msebenzi.
UBenni
McCarthy naye umataniswa naleli qembu, kungekhona ke futhi okokuqala.
OLUNYE UDABA: Ele-PSL liqinisekisile ukusayina umdlali weChiefs
Ngonyaka
odlule wayengumsizi kamqeqeshi eqenjini laseBelgium, i-Sint-Truiden, kanti
futhi manje usephothule nezifundo zokuqeqesha, i-UEFA A.
"Ngiyajabula ukuthi ngimataniswa neqembu elikhulu,
kodwa ngeke ngawalawula amahlebezi. Uma abalandeli bengifuna, leso yisifiso
sabo,” kusho uMcCarthy.
“Mina ngizoze ngizwe ngqo ngosihlalo weqembu uDr Khoza. Yilokho
engingakusho okwamanje.”