Akakatholakalai umfana, 4, oyi-albino wasesiKhawini

2016-06-30 19:03

Johannesburg - Sekupehele izinsuku ezingu-9 kwathunjwa umfana oneminyaka engu-4 ubudala ophila nebala elimhlophe eduzane naseSikhawini kanti namanje akakatholakali.

UManeliswa Ntombela owaziwa ngelikaMlungu wathunjwa ngamadoda amabili angaziwa ngesikhathi elibangise esontweni nomzala wakhe oneminyaka emine ubudala.

OLUNYE UDABA: Intukuthelo kubulawa oyi-albino e-KZN

U-anti walo mfana uQaphi Ntombela uthi lezi zingane zahamba kuqala kunaye.

UQaphi kwakufanele azilandele ngemuva kodwa ngaphambi kokuba azilandele indodakazi yakhe yangena ngejubane endlini ithi kukhona indoda ethathe uMlungu.

UNtombela uthi kubonakala sengathi abathumba uMlungu bambiza ngegama ngaphambi kokumthatha banyamalala naye.

Nakuba abomndeni bethe uMlungu uhlakaniphile uyalazi ikheli lasekhaya neminye imininingwane ejwayelekile bafisa ukuba abuye ekhaya ephephile njengoba besola ukuthi abasolwa bengambulalela umuthi, kubika iNewswatch.

 

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.