Accra – Umlimi waseGhana, 28, ubhaxabule kabi unkosikazi wakhe, 20, ngemuva
kokuthi owesifazane emfune ngenkani imali yokuthenga izinto zasendlini, kusho
umbiko ngoMgqibelo.
Ngokombiko weGhana
web, umsolwa kumanje ugcwele amathafa kulandela lesi sigameko.
Umsolwa, okuthiwa igama lakhe nguJoe, ushaye kabi umkakhe obenezinyanga
ezimbili ekhulelwe, u-Ama Attaa, kulandela ingxabano emayelana nemali yokwenza
izinto zasekhaya.
UJoe, okuthiwa ubesecikekile ukuqophisana nonkosikazi wakhe, ucoshe induku
wabhambabula ngayo umkakhe waze waphuma umphefumulo.
Kuthiwa umufi ushiye indodana enonyaka owodwa ubudala.
OLUNYE UDABA: Uvelile oshaye umkakhe ngenxa ye-TV
“Omakhelwane yibo abasibizile ukuba sizolekelela u-Anna, kepha ngesikhathi
esifike ngaso esibhedlela ubesevele esebanda.
“Kumanje siphansi phezulu sithungatha umyeni wakhe, kepha akatholakali.
Ngicabanga ukuthi akasekho ngisho la emphakathini ngoba esabela ukuboshwa,”
kusho ilungu lomndeni elingafunanga ukudalulwa igama.
Kwesinye isigameko ngonyaka owedlule, umlimi, 45, wabulala inkosikazi yakhe
kulandela ingxabano, ngokusho kweGhana Live.TV
Umsolwa wabe esezinikela emaphoyiseni kulandela lesi sehlakalo.