Akakatholakali usomabhizinisi okutholwe imoto yakhe ishiswe

2017-08-06 11:04

Pretoria – Ukuthungathwa kukasomabhizinisi wasePitoli u-Omar Carrim kuyaqhubeka, ngemuva kokuba kutholakale imoto yakhe ishisiwe ngaphandle kwase-Atteridgeville.

Isishoshovi esilwisana nobugebengu nophinde akhulumele umndeni uYusuf Abramjee uthe ngeSonto ekuseni uCarrim unyamalale ngabo-17:45 ngoLwesine.

Ugcine ukubonakala esendleleni eya ekhaya.

Lo baba wamadodana amahlanu ungumnikazi weHome Hyper City ePitoli.

U-Abramjee uthe umndeni uqale ukukhathazeka ngesikhathi engafiki ekhaya. Umakhalekhukhwini wakhe ubucishiwe ngaleso sikhathi.

OLUNYE UDABA: ISITHOMBE: Kulimale owesifazane imoto ingena endlini

Bathole izibuko zakhe eRadiokop, nokwenze basola ukuthi uthathwe elapho.

Imoto yakhe yohlobo lweMercedes C300 itholakale ishisiwe ngaku-R511 ngaphandle kwase-Atteridgeville ngoLwesihlanu.

"Imbangela yalokhu ayikaziwa, kodwa kuyacaca ukuthi akudunwanga imoto yakhe, ngoba ngabe bathathe yona,” kusho u-Abramjee.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.