Akaneme ngokushiwo ngabantu osengene kobelwethulwa uRobert Marawa

2017-08-17 09:33

Cape Town – Sekuphele isikhathi esingangenyanga selokhu iSABC yamemezela ukuthi iyahlukana nesilomo somethuli wezinhlelo zezemidlalo, uRobert Marawa.

Uhlelo lukaMarawa kuMetro FM belungaconsi phansi kubalaleli balo msakazo kodwa-ke abalaleli abesebesele dengwane bangase baluthokozele uhlelo olusha olubizwa nge-The Ultimate Sports Show nolozokwethulwa abethuli bezinhlelo zezemidlalo ababili beSABC, uMpho Maboi kanye no-Udo Carelse.

I-SABC imemezele ngokusemthethweni lolu hlelo esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba ngoLwesibili.

Le nhlangano ithe uMaboi uzogxila kwabesifazane abakwezemidlalo njalo ngoLwesine kusukela ngo-18:00-19:30, kusukela ngomhlaka-24 ku-Agasti 2017.

OLUNYE  UDABA:I-SABC ingase iqondise izigwegwe uRobert Marawa ngokuduba uhlelo

Kuyimanje uMaboi ungumethuli wezinhlelo zezimidlalo zeSABC Sport azethula esezindlini zokusakaza noma enkundleni uma ngabe kunemidlalo yebhola. Wajoyina le nhlangano yezokusakaza ngo-Ephreli 2015 kanti kuyimanje uyingxenye yethimba lohlelo lwasekuseni kwiMetro FM olwethulwa umakadebona womsakazi, uDJ Fresh, nokuyi-Fresh Breakfast, edlala phakathi nesonto, kusukela ngo-05:00-08:00.

Ngemuva kokumenyezelwa kwalaba basakazi bohlelo olusha, abanye abalaleli kanye nemithombo yezindaba yabika ukuthi uMpho kanye no-Udo ‘bazovala isikhala’ sikaRobert Marawa ngalolu hlelo oluhle, nokuyinto okubonakale sengathi ayihlali kahle kuMpho njengoba egcine ephawula ngayo kuTwitter.

Lo methuli wezinhlelo uthe asikho isidingo sokuthi kulokhu kuthiwa yena ‘uzovala isikhala’ sikaMarawa, wathi yena angeke abe ngomunye umuntu futhi akekho umuntu ongaba uyena. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.