Akanikezani umbhobho uNontandakubukwa waseThekwini

2016-11-13 13:31

Durban - Isilomo somlingisi somdlalo owuchungechunge uZalo otshengiswa esiteshini sakumabonakude u-SABC 1 sidunyazwe yisenzo sikaNkululeko “Tha” Simelane odume ngelikaNontandakubukwa weTheku.

UNokuthula “Noxy” Mbika olingisa ukuba wuThobile kulo mdlalo obukwa yizigidi zababukeli kuthiwa uhilizisane noTha  ongesinye sezitabane ezingazihlile emcimbini obizwa nge-INK HOP obiselokishini KwaMashu eThekwini ngempelasonto edlule.

Abazibonele bathi laba babe nokuhilizisana ngamazwi esiteji baze bacishe babambana ngamawashingi.

OLUNYE UDABA: "Unontandakubuwa" ukhala ngomdlalo Uzalo

Kuthiwa babebangisana ngokuphatha uhlelo, engekho ofuna ukudedela omunye njengoba kuayaye kwenziwe uma engeyedwa umphathi wohlelo.

NgokweLanga Langesonto, ebuzwa ngale ngxabano uNokuthula ubemanqikanqika ukuphawula.

Uthi udumele futhi uphoxekile ngokwenzeke ngoMgqibelo KwaMashu.

"Kubuhlungu okwenzekile kodwasigcine sidlulile kukho,” usho kanje ngezimfishane engafuni nokwanda ngokuchaza ngokuholele ekungabonini ngasolinye.

Eziphendulela uTha, obekuzwakala ukuthi usagcwele intukuthelo, unyukelwa wushukela uma kukhulunywa ngalolu daba ukuqinisekisile ukuthi babe nengxabano kodwa wathi akathansi ukukhuluma ngakho.

“Okwenzeka kwangicika nje. Engingakusho wukuthi akusebenzeki nabantu abathana ukuzenza ngcono, abazithwele,” usho kanje.

Abazishwashwathayo bathi uTha unomona ngalaba njengoba kade angina kule ndima kodwa bona bavumbuka sebelekelelwa yithelevishini, sebemgubuzela bemudlela umsebenzi ekubei yena kade aqala ukuwenza.


- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.