Akaphoqwanga uDe Lille ukuba ashiye isikhundla - Maimane

2017-01-31 10:00

Cape Town – Umholi weDemocratic Alliance (DA) ePhalamende uMmusi Maimane usechithe izinsolo ezithi uPatricia De Lille uphoqiwe ukuba ehle esikhundleni njengenhloko yeqembu esifundazweni.

UDe Lille ngoMsombuluko umemezele ukuthi uzokwehla esikhundleni ngoLwesibili ngoba ufuna ukugxila kwesokuba yiMeya yaseKapa.

Ukwesula kwakhe kuqubule amahlebezi athi uphoqiwe ukuba athathe lesi sinyathelo.

UJabu Mfusi we-African National Congress (ANC) uthe uDe Lille ubengenayo enye indlela ngaphandle kokuba ehle esikhundleni.

“Empeleni lokhu akusethusi njenge-African National Congress. Akesulanga ngoba ethanda kodwa uphoqiwe.”

OLUNYE UDABA: Bakhathazekile abokufika abahlala ePitoli

UGrant Haskin we-African Christian Democratic Party naye uhambe emazwini e-ANC.

USihlalo we-Economic Freedom Fighters esifundazweni, uBernard Joseph, uthe ukwesula kukaDe Lille kuyizimpawu zokulwa okungaphakathi kwi-DA.

Kodwa noma kunjalo, uMaimane uthe isinqumo sikaDe Lille usithathe ngoba ecabangela idolobha.

UMaimane umile ekutheni uDe Lille akaphoqwanga ukuba ashiye isikhundla.

- EWN

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.