Akasabazi ubuthongo owanikeza umakhelwane ingane yakhe

2017-06-08 12:29

Durban - Akasabazi ubuthongo owesifazane ongu-Abongile Nojahi‚ njengoba esehlala ezibuza ukuthi ngabe lukuphi usana lwakhe olunezinyanga ezingu-9 luzelwe, u-Olwethu.

Usana lwakhe sekuphele izinsuku ezinhlanu lwanyamalala.

“Kunzima. Angisalali nasebusuku ngenxa yokukhathazeka, ngizibuza ukuthi ngabe ukuphi,” esho.

UNojahi wanikeza umakhelwane wakhe, uZanele Mchunu, 17, ingane kade ecele ukuhlala nayo ngoMgqibelo.

“Wafika ekhaya wacela ukuboleka ingane yami, ngavuma. Wathi uzoyibuyisa. Ngamnikeza ingane, kodwa kwaze kwaba yiSonto engakayibuyisi,” kusho uNojahi.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe 6 kulandela ukutholakala kwezidumbu ziboshiwe

Lona wesifazane oneminyaka engu-25 ubudala ongasebenzi, uthi wayengenankinga ukushiya ingane yakhe nomngani wakhe, futhi akasolanga lutho ngesikhathi ecela ukuhlala nengane ngoba ubejwayele ukuhla nayo.

“Sekuphele unyaka ngimazi futhi ungumakhelwane wami,” esho.

Ucingo lukaMchunu alusabanjwa manje.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Nqobile Gwala ucele noma ngabe ngubani onemininingwane ukuba axhumane noWarrant Officer SV Mhlongo ku-031 508 2330 noma ku-073 254 2512 noma afonele iCrime Stop ku-08600 10111.

- Sowetan Live

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.