EZINGENA MANJE: Akasekho emhlabeni uJoost Van der Westhuizen

2017-02-06 14:25

Johannesburg - Akasekho emhlabeni lowo owayeyinkakha yamaSpringbok, uJoost van der Westhuizen, ngemuva kokugula isikhathi eside eneMotor Neuron Disease.

UVan der Westhuizen uphuthunyiswe esibhedlela esesimeni esibucayi ngoMgqibelo, kuqinisekisa i-J9 Foundation.

Yize ekade etshengisa izimpawu zokuthi uyababona abantu abebemzungezile, kugcine kumenele ngoMsombuluko ntambama.

Isikhulu esiphezulu samaBlue Bulls uBarend van Graan nguye oqinisekise ukudlula emhlabeni kukaVan der Westhuizen wase edlulisa amazwi enduduzo ezinganeni zakhe, umndeni nabangani.

OLUNYE UDABA: Usesimeni esibucayi esibhedlela owayengukapteni weqembu lesizwe

“Uma kukhona into eyodwa esingayifunda kuJoost, indlela abeyithanda ngayo impilo. Asisoze sakulibala lokho ngaye.”

UVan der Westhuizen, okwatholakala ukuthi unalokhu kugula ngo-2011, wadlala amaTest angu-89 edlalela amaSpringbok phakathi kuka-1993 no-2003.

Udlula emhlabeni nje, uMengameli Jacob Zuma ubesanda kukhipha isitatimende enxusa ukuthi abantu bakuleli bakhulekele le nkakha ukuba ilulame ngokushesha.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.