Akasekho emhlabeni umculi, uGeorge Michael

2016-12-26 11:08

London – Asisekho emhlabeni isihlabani somculo wePop eBritish esazakhela udumo ngeminyaka yango-1980 ngamanoni akhe okubalwa kuwo iLast Christmas, Freedom, Careless Whisper nelithi-Wake Me Up Before You Go Go, uGeorge Michael.

UGeorge ushonele emzini wakhe oseGoring-on-Themes, e-Oxfordshire, eningizimunempumalanga yeNgilande ngoKhisimusi eseneminyaka engu-53 ubudala.

Lezi zindaba ezimbi ziqinisekiswe yimenenja yakhe esitatimendeni.

OLUNYE UDABA: Akasekho emhlabeni umculi kaMaskandi wodumo

"Kubuhlungu kithi ukunazisa ngokudlula kwendodana, umfowethu nomngani emhlabeni. UGeorge ushone esekhaya ngoKhisimusi.

"Umndeni ucela ukunikwa isikhathi sokuba wodwa kulesi sikhathi esinzima. Akukho okunye okusazozwakala okwamanje."

Imininingwane yembangela yokuhamba kwalo mculi ibingakadalulwa.

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.