Akasitholi isitifiketi sengane yesibili owabeletha kabili onyakeni ka-2012

2018-05-09 11:05

Johannesburg - Owesifazane uNompumelelo Caluza sekuphele iminyaka emihlanu ezama ukuthola isitifiketi sokuzalwa kwendodakazi yakhe esineminyaka engu-6 ubudala emnyangweni wezasekhaya eProspecton eSipingo, eningizimu yeTheku.

UCaluza utshele abezindaba iGroundUp ukuthi iziphathimandla zinqabile ukukholwa ukuthi wabeletha kabili onyakeni owodwa.

"Ngomhlaka-28 Januwari 2012, ngabeletha indodakazi yami yokuqala. Ngemuva kwamasonto amabili ngaphinde ngakhulelwa. Kulokhu ngakhulelwa amawele engawabeletha ngomhlaka-6 Okthoba 2012," kusho uCaluza.

Amawele, uLubanzi noLukhona, bazalwa ngaphambi kwesikhathi babe sebefakwa wbhodleleni.

"Ngeshwa uLubansi washona kodwa uLukhona waphila. Ngesikhathi sesiphuma esibhedlela iPrince Mshiyeni, ngazama ukufaka isicelo sokutholela uLukhona isitifikezi sokuzalwa, kodwa abomnyango wezindaba zasekhaya basinqaba isicelo sami, njengoba kwakusavela ukuthi ngasithola ngoJanuwari isitifiketi sokuzalwa kwengane ngawo u-2012," kusho uCaluza.

OLUNYE UDABA:Ikhethe ukuzibulala intombazane ebingenaso isitifiketi sokuzalwa

Uthe ulokhe ephuma engena emnyangweni ezama indaba yesitifiketi sengane yakhe, kodwa iziphathimandla zimtshela ukuthi isicelo sakhe asiphumeleli.

"Njengamanje, indodakazi yami kufanele engabe yenza ugrade 1 kodwa ayikwazi ukubhalisa ngenxa yokuthi ayinaso isitifiketi. Angazi ukuthi ngenze njani," kusho uCaluza.

UCaluza unezincwadi ezikhomba kona ukuthi wabeletha kabili onyakeni ka-2012, ngoJanuwari nango-Okthoba futhi unaso nesitifiketui sokushona kukaLubanzi.

Okhulumela umnyango kwazulu-anatal uCyril Mncwabe, uthe inkinga kaCaluza ingaxazululeka.

"Ngizoxhumana negatsha ukuzwa ukuthi bazothini ngalolu daba. Ngizophinde ngishayele uCaluza ukuthola uhlangothi lwakhe ngalolu daba mase ngiqhuba inqubo yesitifiketi. Ngizokuqinisekisa ukuthi uyasizakala," kusho uMncwabe.



Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.