'Akasoze abuyela kwi-ANC uMalema'

2018-03-12 16:00

Johannesburg - Ubuholi be-Economic Freedom Fighters (EFF) abusizwa  isicelo sokuba bubuyele kwi-African National Congress (ANC).

Lokhu kungemuva kokuba uMengameli Cyril Ramaphosa kanye nePhini lakhe uDavid Mabuza becele abaholi be-EFF, ikakhulukazi uJulius Malema, ukuba babuyele kwi-ANC.

“Awekho amathuba okuba singabuyela kwi-ANC,” kusho usihlalo we-EFF kuzwelonke uDali Mpofu etshela iSABC.

Uthe ubuholi be-EFF abuziboni busebenzisana nabaholi be-ANC abafana noBathabile Dlamini no-Ace Magashule.

OLUNYE UDABA: Kuthungathwa abasolwa ngokubulala owe-ANC

Ngempelasonto, abaholi be-ANC bazwakalise ukuthi bangakujabulela ukubona uMalema nabanye abaholi be-EFF bebuyela ekhaya.

UMabuza uthe uzozama ngakho konke anakho ukuncenga uMalema abuyele kwi-ANC, kanti uRamaphosa uthe uMalema uyi-ANC ekujuleni kwenhliziyo yakhe.

UMpofu uthe uMalema nabanye kwavunyelwana engqungqutheleni ye-ANC ukuba baxoshwe, ngakho kungadinga kubanjwe enye iNgqungquthele kuthathathwe isinqumo sokubabuyisa.

“Nakuba kunjalo, angicabangi kodwa ukuthi angayicabanga eyokubuyela kwi-ANC.”

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.