Akekho ongakhali ngowaKwaMashu otholwe entanta edamini

2017-12-30 15:17

Durban - Kumuncu endaweni yaKwaMashu esigcemeni sakwa-D ngokudlula emhlabeni kwaSandile Mbense oneminyaka engu-31 ubudala otholwe entanta edamini eHazelmere.

UMbense ubehambele umcimbi wodumo eThekwini iDurban Jazz Festival ebanjelwa kule ndawo. 

Kubikwa ukuthi ubehambe nabangani bakhe eyozijabulisa kanye nabo kanti angeke esabuya nabo.

Kuthiwa le nsizwa ebinogazi ivele yanyamalala kwaze kwashaya isikhathi sokuba kugodukwe ingaziwa, abebehamba nayo bazitshela ukuthi ihambe nabanye abantu njengoba yenza nangonyaka odlule kanti kulokhu akunjalo.

Kuzwakale nokuthi uMbense ubengena yonke indawo ekwazi ukubonana nabo bokne abaziyo abebehambele lo mcimbi njengoba ebefake ibhande okwazi ukungena ngalo yonke indawo kubalwa neyezicukuthwane.

OLUNYE UDABA:Kuminze umfundi kamatikuletsheni ebhukuda nabangani

AbeziNdaba24 bakhulume noNgcebo Mdima ongumngani kaMbense ongomunye wabakade behambe naye, uthi kunzima kuye futhi ubengakholwa aze ahambe ayohlonza isidumbu sikaMbense ehambisana nomshana wakhe uThabiso Mdlalose.

UMdima uthi wabikela amaphoyisa ngodaba ngomhlaka-27 Disemba, kwathi ngoLwesine wangomhlaka-28 Disemba wayohlonza isidumbu.

Uthi njengamanje icala liphenywa ngamaphoyisa esesiteshi saseVerulam kulandela ukuvulwa kwedodoko.

Ngokombiko weSolezwe okhulumela amaphoyisa Captain Nqobile Gwala ukuqinisekisile ukutholakala kwesidumbu sikaMbense.

UGwala uthe isidumbu sitholwe sintanta emanzini endaweni engamamitha angu-30 eceleni nedamu.

Udaba luphenywa abaseshi basesiteshini samaphoyisa aseVerulam, kusho uMbele.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.