Akhala ngeSilo kwelomhlaba amaHiligwa

2018-03-31 14:06

Kokstad - Avutha engabaselwe amaHiligwa eKokstad eningizimu yesifundazwe iKwaZulu Natali ngodaba lokubuyiswa komhlaba ngaphandle kwenkokhelo njengoba ekholwa ukuthi amaqembu ezombangazwe kanye namakhosi abangayo bekufanele ukuba ngabe aqale kubona ngaphambi kokufaka izicelo zabo zokubiyiselwa umhlaba.

Nakuba omunye wabaholi bamaHiligwa uMnu Cyril Gearge Gangerdine engekho ngaphesheya kombono wokuthi umhlaba owathathwa ngendluzula kubantu ubuyiswe kodwa uthi isizwe sabo - AmaHiligwa - saba ngesokuqala ukufika kuleli okusho ukuthi iningi lomhlaba wakuleli ngowaso.

UMnu Gangerdine obethukuthele egane unwabu uthi okumcasula kakhulu ukuthi selokhu kwakhulunywa ngendaba yomhlaba, ngisho neqembu likaJulius Malema imbala, kodwa abakaze bathintwe kumbe kukhulunywe ngabo nomlando wabo ngelizwe iNingizimu Afrika.

“Kodwa manje sizwa sekuthiwa amakhosi esifundazwe saKwaZulu-Natal kanye neSilo samaBandla bafake isicelo sokubuyiselwa umhlaba omningi ongaphezulu nakowethu kodwa yithina abantu bokuqala ukufika kuleli,” kusho uMnu Gangerdine.

Ukukhulume wangananazi ukuthi banobufakazi bemidwebo yamatshe (rock-art) ezintabeni efakazwa nangabelungu ukuthi yadwetshwa eminyakeni engaphezulu kwamakhulu-khulu.

OLUNYE UDABA: ISilo sinxuse amaZulu ukuba anikele ngo-R5 umuntu emunye

“Angifuni nokukhuluma ngamatayitela abelungu akhwatshanisiwe ngenhloso yokufeza izidingo zabo, awethu amatayitela asezintabeni ezweni lonke. Inzima le nto ngoba abantu bafika ezweni lethu kodwa manje sebefuna ukusishayela umthetho," esho.

Uthe akafuni nokuyizwa ekaJan Van Riebeeck ekhulunywayo ngoba kwasayena wafikela kubona bengamaHiligwa ezulazula ezintabeni elambile efuna ukudla futhi bamnikeza ngoba wayezofa. “Thina sikhuluma ngomlando wasemandulo engekafiki nokufika Jan Van Riebeeck,” kusho uMnu Gangerdine.

Uphinde wanxenxa abantu bakuleli ukuthi bangavumi ukulahlekiswa ngolwazi lwasemanyuvesi olwabhalwa abelungu. Nokho lokhu akwehlanga kahle kusihlalo wendlu yabaholi bendabuko esifundazweni iKwaZulu-Natal iNkosi Phathisizwe Chiliza ovele wathukuthela wathi bayaphupha abakholwa ukuthi isicelo sokubuyiswa komhlaba kufanele sidlule kubo.

“Thina sinobufakazi obuphathekayo ngomhlaba wamakhosi hhayi obemidwebo esezintabeni," esho. Uthe kodwa ke ngeke bawavimbe amaphupho abanye abantu ngoba abanye baye baziphuphe bengoNkulunkulu.

Umholi we-EFF esishayamthetho saKwaZulu-Natal uMnu Vusi Khoza naye uwukhahlele umbono kaMnu Gangerdine wathi uyalahlekisa futhi unobandlulo ngokuyamanisa uhlelo lokubuyiswa komhlaba nezinhlanga.

“Thina sithi umhlaba owathathwa ngendluzula awubuyiselwe kubanikazi bawo hhayi ukuthi lolu hlelo siluthathe siluhlanganise nobuhlanga bokuthi kwaqala kwafika bani”.

"Nakulokho futhi unamanga ngoba la sikhuluma ngezwekazi lase-Afrika elalingenayo imingcele ngaphambilini ngoba leyo nto yafika nabelungu ababehlose ukusihlukanisa,” kusho uMnu Khoza.

Unxenxe uMnu Gangerdine ukuthi angafuni ukuzigqamisa ngomlando ongenaso isisekelo.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.