Akucacile kahle ngekusasa lomgadli we-Chiefs

2016-04-25 10:01

Naturena – Umgadli we-Kaizer Chiefs uDavid Zulu, angaba ngomunye wabadlali abazophazamiseka kwizinguquko ezenziwa ileli qembu ekupheleni kwale sizini.

IChiefs yabolekisa ngalo mgadli ngesikweletu ku-Chippa United ngoJanuwari ngemizamo yokumsiza ukuba athole amathuba amaningana okudlala.

Ngeshwa lo mdlali ozobe ehlanganisa iminyaka eng-30 ubudala kuleli sonto, ubenganikwa ithuba elanele ohlelweni lomqeqeshi uDan Masilela.

OLUNYE UDABA:"UKomphela ufuna ngibe umgadli ohamba phambili"

UZulu wafakwa ngemizuzu yokugcina ngesikhathi iChippa ishaywa iPolokwane City 1-0 ngempelasonto edlule. Usevule imidlalo izikhathi eziyisithupha kule sizini futhi unenqaku elilodwa egamini lakhe.

Kwakunzima ngisho esadlalela iChiefs ukuthi athole ithuba lokudlaliswa, kanti kusolakala ukuthi ingabuye ibolekise ngaye kumanye amaqembu noma imdedele.

Umthombo obikele abezindaba uthi leli qembu alikaze libe nezingxoxo nalo mdlali. “Unenkontileka ne-Chiefs kanti okwamanje akukaze kukhulunywe ngekusasa lakhe. Lo mdlali usabheke eqenjini alidlalelayo okwamanje,”kusho umthombo.

-Soccer Laduma

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.