Akukacaci noma ubengumfundi kaMatric yini oziphose esitimeleni

2017-01-07 17:48

Johannesburg- Namanje abakwaPassenger Rail Agency of SA (Prasa) namaphoyisa bebengakakwazi ukuqinisekisa ukuba isigameko somfana oziphose esitimeleni esihambayo sihlobene yini nokuphuma kwemiphumela kamatikuletsheni ka-2016 kuleli sonto.

Abagibeli bakwaMetrorail abebesuka eVereeniging bebedinwe begane unwabu ngesikhathi isitimela sivele sima endleleni ngaphambi kokufinyelela esiteshini saseResidensia eSebokeng.

OLUNYE UDABA: Kushone umlisa oshayiswe isitimela eKZN

Kwaphela ihora isitimela sinaghambi abagibelai base bebona ukuthi behle 'bavathuze' ngonyawo bebheke esiteshini sesitimela esilandelayo ngesikhathi bethola ngesigameko. Abanye babo baqala bakhuluma bodwa, abanye bezwakalisa izinsolo zokuthi umufi ubenza umatikuletsheni wangaphumelela.

Umshayeli wesitimela washaqeka wangabe esakwazi ukuqhubeka nohambo. Okhulumela abakwaPrasa, uLillian Mofokeng, uqinisekise isigameko kwabephephandaba iThe Citizen.

"Ngingakuqinisekisa ukuthi ngezithuba zabo-05:50 ngoLwesine indoda engaziwa okusolwa ukuthi ineminyaka engu-18 ubudala yaziposa esitimeleni esasishsholoza.


Okhulumela amaphoyisa endaweni yaseVaal uSergeant Getrude Makhale uthe uphenyo luyaqhubeka.

"Umufi kukholakla ukuthi uneminyaka ephakathi kwengu-17 nengu-20 ubudala kanti kucelwa umphakathi uvakashele esiteshini samaphoyisa ase-Evaton noma emakhazeni aseSebokeng ukuiyohlonza isidumbu," kusho uMakhale.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.