Akukapheli ngoZuma - Amaqembu aphikisayo

2017-08-09 12:31

Cape Town – UMengameli Jacob Zuma kungenzeka ukuba usindile esiphakamisweni sokungethenjwa kobuholi bakhe, kodwa amaqembu aphikisayo athi akukapheli, isazohlangana enkantolo.

NgoLwesibili, uZuma usinde okwesishagalombili esiphakamisweni sokungethenjwa kwakhe. Alinganiselwa ko-30 amalungu e-ANC ePhalamende avote kanye namaqembu aphikisayo emizameni yokugudluza uZuma.

Kodwa i-Economic Freedom Fighters (EFF) ithe isibheke icala eliseNkantolo yoMthethosisekelo elimayelana noZuma ngoSepthemba.

I-EFF ithi uZuma wephula isifungo sehhovisi lakhe, ngakho kumele agudluzwe esikhundleni sakhe.

OLUNYE UDABA: Uhulumeni ubonge abantu bakuleli ngokuziphatha kahle

Ngasekuqaleni konyaka, i-EFF yafaka usomlomo wePhalamende uBaleka Mbete enkantolo, ngemizamo yokumphoqa ukuba athathele izinyathelo uZuma ngokwehluleka ukuthobela uMthethosisekelo.

Umholi we-United Democratic Movement uBantu Holomisa uthe iqembu lakhe lizojoyina i-EFF eNkantolo yoMthethosisekolo emizameni yokugudluza uZuma.

Khonamanjalo, umholi weDA uMmusi Maimane, uthe ukuphunyuka ngembobo yenayiti kukaMengameli Zuma kukhomba ngokusobala ukuthi ngisho i-ANC ayisamdingi.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.