Akukho engingakwenza uma umengameli enquma ukungixosha - Ramaphosa

2017-10-20 07:00

Cape Town - ISekela likaMengameli uCyril Ramaphosa uthi akukho angakwenza ukuvimba uMengameli Jacob Zuma ekutheni amsuse kulesi sikhundla asiqhoqhobele uma efisa. 

Lokhu kuza ngemuva kwemibiko yabezindaba ethi uRamaphosa nguye olandelayo ezembeni eligawulayo likaZuma, kulandela ukuguqulwa kweKhabhinethi ngoLwesibili, inkemba yadla uBlade Nzimande.

URamaphosa ubephendula imibuzo esiShayamthetho sikazwelonke ngoLwesine ngesikhathi amalungu ePhalamende efuna ukucaciseleka ngekusasa lakhe.

Lo mbuzo bekumele ube mayelana nenkohlakalo ekhona ezinkampanini ezingaphansi kukahulumeni, kepha amalungu amaqembu aphikisayo ahluleka ukuzibamba ngesikhathi ebona intuba yokubuza uRamaphosa ngala mahlebezi.

OLUNYE UDABA: UZuma wenze izinguquko kwiKhabhinethi

Owe-EFF uFloyd Shivambu uputshise umbuzo ngokuphawula okwenziwe owayengumholi wenyunyana uJames Molatsi, othe uRamaphosa nguye olandelayo ukugawulwa yizembe, wathi ngeke umfice uLwesihlanu.

UMolatsi ungomunye wabakhankasela uRamaphosa ekutheni ahole i-ANC. 

"Ngesikhathi ngiqokelwa kulesi sikhundla, ngakwamukela lokho, ngokunjalo kungumsebenzi kamengameli ukususa noma ukufaka abantu kwiKhabhinethi lakhe," kuphendula uRamaphosa ngoLwesine.

"Uma isinqumo sakhe kungukungisusa, ngizokwamukela leso sinqumo esiyobe sithathwe ngumengameli,  nokho ngiyoqhubeka nokusebenzela abantu baseNingizimu Afrika noma yingayiphi indlela. Yilokho engingakusho ngalolu daba."

Amalungu e-DA aqhubekile nokumhhahhameza ngesikhathi ekhuluma elokhu ethi "kusasa!".


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.