'Akukho muntu owake wanginika imali' - Zuma

2017-11-02 18:01

Cape Town – UMengameli Jacob Zuma usephikile ukuthi kukhona imali ayithola wangayidalula kumalungu athile noma izinkampani ezizimele kusukela athatha esokwengamela izwe.

Le bekuyimpendulo kaZuma yombuzo ophuthumayo ofakwe ngumholi we-DA uMmusi Miamane ngesikhathi uMengameli ephendula imibuzo ePhalamende, obumayelana nezinsolo ezithi uZuma uholelwa u-R1m njalo ngenyanga nguRoy Moodley, kepha le mali angayidaluli kwaSouth African Revenue Service.

Lezi zinsolo zivela encwadini yentatheli uJacques Pauw, esihloko sithi The President’s Keepers.

Embuzweni olandelile, uMaimane - obevayizisa le ncwadi kaPauw emoyeni - ubuze uZuma ukuthi angakwazi yini ukunekela iPhalamende konke okumayelana nendlela athola ngayo imali kusukela athatha izintambo ngo-2009.

OLUNYE UDABA: BUKA: Kuhlokome iPhalamende uZuma ephendula uMaimane

"Sengiwuphendulile lowo mbuzo. Ziningi izincwadi ezibhalwayo ezimayelana noJacob Zuma," kusho uZuma. Ngokusho kukaZuma, lezi zincwadi zigcwele "inzwabethi kanye namahemuhemu".

UMaimane ubengenelisekile ngempendulo kaMengameli, nokho uSomlomo wePhalamende uBaleka Mbete ube esenquma ukuthi kudlulelwe phambili embuzweni olandelayo welungu leCope, uDeidre Carter.

Ngalesi sikhathi bese kunemvunge eqhamuka emabhentshini e-ANC, uCarter uthe naye wake wamcela uZuma ngo-2016 ukuba anekele iPhalamende yonke imali emngenelayo, kepha namanje usalinde impendulo.

Uphinde wabuza ukuthi yini uMengameli ayenzayo ngezinsolo zenkohlakalo eziqondene naye nendodana yakhe.

"Inkohlakalo eyenziwa ngubani?" kuphendula uZuma.

UMengameli ube esegcizelela ngokuthi akaze athole mali kumuntu, futhi leyo yimpendulo yakhe yokugcina mayelana nalezi zinsolo.



Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.