Akukho muntu ozophucwa umuzi wakhe - EFF

2018-02-28 11:00

Cape Town – "Akekho umuntu ozophucwa umuzi wakhe. Akekho umuntu ozolahlekelwa yiflethi lakhe noma ifemu yakhe."

Lawa ngamazwi ashiwo ngumholi we-EFF uJulius Malema ekhuluma ngaphandle kwesiShayamthetho sikazwelonke, ngemuva kokuthi iPhalamende livumelane ngesiphakamiso sakhe, esivula indlela yokuba kwenziwe izinguquko kuMthethosisekelo zokuthi umhlaba uthathwe ngaphansle kwesinxephezelo.

Lesi siphakamiso siphasiswe ngemuva kokuthi sesekwe ngamaqembu afana ne-ANC, IFP, NFP, UDM, Agang, AIC ne-APC.

Lokhu kusho ukuthi iConstitutional Review Committee, ehlanganiswe ngamalungu ePhalamende, izobuya nempendulo ePhalamende ungakapheli u-Agasti walo nyaka. Uhlelo lwaleli komidi luzobandakanya nokubanjwa kwezigcawu zomphakathi.

OLUNYE UDABA: Ezinoju mayelana nokubuyiswa komhlaba ngaphandle kwesinxephezelo

"Kulesi siphakamiso akukho lapho sithi khona kuzoshaqwa umhlaba wasezindaweni ezisemakhaya noma ezasemadolobheni. Thina sithi makushaqwe umhlaba ngaphandle kwesinxephezelo," kusho uMalema.

"Wonke umhlaba eNingizimu Afrika kumele ushaqwe ngaphandle kwesinxephezelo bese ubuyela ngaphansi kukahulumeni. Uhulumeni kumele kube yiwo ophatha umhlaba," echaza.

"Akukho muntu ozolahlekelwa wumuzi wakhe, iflethi lakhe noma yimboni yakhe. Esikushoyo wukuthi akekho umuntu okumele azishaye isifuba ngokuba nomhlaba," esho.

"Wonke umuntu ozowuthelela umhlaba, lokho kuzoncika ekutheni sithini isivumelwano ngalokho, ngokwemiphumela yokubuyekezwa koMthethosisekelo."

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.