Akukho semthethweni ukuxwayisana kwabashayeli ngezivimbamgwaqo

2018-03-23 16:00

Johannesburg - I-Road Traffic Management Centre ixwayisa abashayeli ukuba bakugweme ukuxwayisa abanye abashayeli ngezivimbamgwaqo, kubika iSouthlands Sun.

Amaphoyisa athi akukho semthethweni ukuxwayisana kwabashayeli ngezivumbamgwaqo, ngokuphayiza amalambu noma ngokusebenzisa izinkundla zokuxhumana uma bebona amaphoyisa.

OLUNYE UDABA:UMnyango uhlele izivimbagwaqo ukugwema izingozi

"Asihambisani nomkhuba wokuxwayisana kwabashayeli ngezivimbamgwaqo ngoba ngokwenza njalo kungenzeka ukuthi uxwayisa isigilamkhuba ekade sasifunwa, uma wenze njalo usuke usisiza ngokuthi abantu babalekele ingalo yomthetho," kusho okhulumela i-RTMC uSimon Zwane.

Uthe nakuba ungekho umthetho oqondene ngqo nalo mkhuba, kepha ukuwenza kusawukuphula umthetho.

"Ziningi izindlela zomthetho esingazisebenzisa ukujezisa abantu. Ukuxwayisa umuntu oshayela ngaphansi kwengcindezi yotshwala agcine esehamba ngeminye imizila, lokho kusho ukuthi usuke ubeka impilo yabanye abashayeli engozini."

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.