Durban - Inkundla yezokuxhumana akuyona indawo efanelekile ukubika ngesifo, kubika iSOLEZWE.
Lokhu kubonakala sekungumkhuba ukuthi abantu babhale ku-Facebook nakuTwitter ukuthi sekushone umngani noma isihlobo.
OLUNYE UDABA:Umndeni ukhala ngongeniswe esibhedlela wagulela ukufa
Abantu benza lokhu ngaphandle kokucabangela umndeni kamufi, yingakho namaphoyisa enza isiqiniseko sokuthi awalidaluli igama lomuntu oshonile umndeni ungakaziswa.
Ungoti wezokululekwa kwengqongo eThekwini uDkt Nomsa Buthelezi uthi ukufa kukodwa kuyisimo esinzima kakhulu emndenini.
"Miningi imizwa efikayo kumuntu uma ezwa ngokudlula emhlabeni kwesihlobo noma umngani, yingakho kungabukeki kahle ukuthi umuntu athuke esebona ezinkundleni zokuxhumana ngokudlula kwesihlobo noma komngani."