'Akulona iqiniso ukuthi uZuma ufuna ihlandla lesithathu'

2017-01-08 11:05

Johannesburg – UNobhala Jikelele we-ANC uGwede Mantashe usechithe amahlebezi ehlandla lesithathu kuMengameli Jacob Zuma.

“Amahlebezi nje lawo,” kusho uMantashe.

Ubezwakalisa umbono wakhe ngalolu daba ngemuva komcimbi we-ANC wokuqoqa izimali obuseSandton ngoMgqibelo.

Amahlebezi aqale ukubhebhetheka ngemuva kokuba umholi we-EFF uJulius Malema ebhale ku-Twitter ngoLwesihlanu ukuthu kunuka ihlandla lesithathu.

OLUNYE UDABA: Kuthungathwa isangoma esisolwa ngokudlwengula isiguli

Nakuba umholi we-EFF engazange enabe ngombhalo wakhe, iningi labantu lifinyelele esiphethweni sokuthi uZuma ufuna ihlandla lesithathu engqungqutheleni ye-ANC yokukhetha ubuholi ezoba ngoDisemba 2017.

UMantashe ukugcizelele kodwa ukuthi lokhu akunasisekelo.

“Angifuni ukukhuluma ngamahlebezi, angicabangi ukuthi lelo yiqiniso.”

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.