'Akumele izembe ligawule uPhiyega kuphela ngokwenzeka eMarikana'

2016-12-04 17:30

Johannesburg – Ukhomishana wamaphoyisa osamisiwe, uRiah Phiyega, akumele kusolwe yena kuphela ngesibhicongo saseMarikana, kusho iCope ngeSonto.

"Sonke siyazi ukuthi isibhicongo saseMarikana sasisikhulu kakhulu ukuba kungagxeka umuntu oyedwa kuphela ngaso,” kusho okhulumla iCongress of the People, uDennis Bloem, esitatimendeni.

"Akumele kube uRiah Phiyega kuphela ogawulwa yizembe ngenxa yaso.”

OLUNYE UDABA

Kunalokho, iCope iphakamisa ukuba iPhini likaMengameli wezwe uCyril Ramaphosa nalowo owayenguNgqongqoshe wamaphoyisa uNathi Mthethwa, kumele baphenywe nabo.

Ngo-2012, bangu-34 abavukuzi basemayini yaseLonmin ababulawa, abanye babo bedutshulwa amaphoyisa ngesikhathi bebhikisha befuna amaholo angcono.

NgeSonto, iCity Press ibike ukuthi ikhomishaba ebiyenza uphenyo isithole ukuthi akakulungele ukuqhoqhobala lesi sikhundla uPhiyega ngakho kumele axoshwe.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.