Akusho lutho ukuthi ubani oqeqesha iBafana - Zuma

2017-02-07 19:33

Cape Town – Owayengumdlali weBafana Bafana, uSibusiso Zuma, ukholwa ukuthi angeke kwenze mehluko ukuthi iSouth African Football Association (SAFA) iqasha umqeqeshi wakuleli noma owaphesheya.

Sekuphele isikhathi esingaphezu kwenyanga iNingizimu Afrika ingenaye umqeqeshi ngemuva kokuthi iSAFA yakhomba indlela owayengumqeqeshi, uShakes Mashaba.

Ngenyanga ezayo (ngoMashi mhlaka-25 kuya ku-28) iBafana Bafana izoba nemidlalo emibili ezoyidlala nezimbangi ezisazodalulwa.

OLUNYE UDABA: ISAFA imise umqeqeshi weBafana Bafana

Kodwa-ke noma kunjalo, iSAFA isabhekene nenkulu inkinga njengoba uMashaba efake udaba lokuxoshwa kwakhe kuCommission for Conciliation, Mediation and Arbitration (CCMA) njengoba ekholwa ukuthi abuzange bube khona ubulungiswa ekuxoshweni kwakhe.

Lolu daba luqhubekile ngoLwesibili nalapho uMashaba ebheke ukuthi abuyiselwe emsebenzini noma enze isivumelwano sokunxeshezelwa. Isinqumo kulindeleke ukuba sikhishwe ngoLwesibili, ngeSonto elizayo.

Engxoxweni ekhethekile neSport24, uZuma uthe inkinga edala iBafana Bafana ishaye udaka imayelana nokufakwa kwabadlali enkundleni, hhayi abaphathi.

Le nkakha eneminyaka engu-41 ubudala ikholwa ukuthi iningi labadlali abaqokelwa ukumela iBafana Bafana kumele kube abadlala phesheya.

“Akusho lutho kumina (ukuthi ubani oqeqesha iBafana) inqubo uma ngabe sizihlela kabusha bese siqala ukusa abadlali bethu phesheya ngoba angiyithandi lento yokudlala eNingizimu Afrika bese ucabanga ukuthi kuzoba nomlingo ngeqembu lesizwe.

“Akusho lutho ukuthi sithola muphi umqeqeshi, inqubo uma abadlali bethu bedlala lapha eNingizimu Afrika sisenkingeni enkulu,” kusho Zuma.

 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.